Ukuqinisekiswa kwakhe ukuthi uzoqhoqhobala isikhundla sokuhola iZANU-PF Women's League uma iqembu selibamba ingqungquthela ngoDisemba, kubeka uGrace Mugabe, 49, esigabeni salabo abangomaqhuzu kuleli qembu.
UGrace waqala esebenzela uMugabe njengomabhalane bagcina sebeshada.
Zibukeka ziqina izinsolo ezithi angase angene ezicathulweni zikamyeni wakhe, nowaphatha iZimbabwe kusukela ngo-1980.
Abazithamundayo bathi uyaqonga umsindo nombango ngaphakathi ku-ZANU-PF ngokuthi ngubani ozothatha izintambo uma uMugabe esethi khumu.
URashweat Mukundu, weZimbabwe Democracy Institute, uthe lo mnyakazo uzokwenyusa ukuhlawumbisela ngozothatha izintambo kuMugabe.
“Lokhu kusho ukuqhubeka kombango wamandla ngaphakathi eqenjini elibusayo,” kusho uMukundu etshela izindaba ze-AFP.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter