Khonamanjalo, umbutho wezokuvikela uzwakalise ukuthi abafundi abangaphezu kuka-100 abebethunjiwe ngoLwesibili sebekhululwe ngaphandle kwabangu-8 abangaziwa ukuthi bangalaphi.
Ukuhlasela, okuqale ngokuqhuma okukhulu enhlokodolobha okubulale abantu abangu-75, sekuvuse imibuzo ngokwehluleka kwamasosha aseNigeria ukulawula izihonga zeBoko Haram.
Amaphekula asebulale abantu abangaphezulu kuka-1 500 kulo nyaka nje kuphela, uma kuqhathaniswa nesibalo esilinganiselwa ku-3 600 sabantu abashona phakathi kuka-2010 no-2013.
"Indlela esetshenziswa yizihonga uma zihlasela ... idala imibuzo ngohlelo lwamasosha aseNigeria kanye nokuzibophela kwawo kule nkinga," kusho iphephandaba iThe Guardian.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho