Lokhu kulandela ukuthi izihonga lezi zithe zizikhululile lezi zingane, kusho isikhulu soMnyango wezeMfundo.
Abanye abafundi abayisithupha bakwazile ukudlubulundela babalekele abathumbi babo, nosekubeke ku-20 inani lasebekhululiwe, kusho ukhomishana wezemfundo eBorno, uMusa Inuwo Kubo, etshela izintatheli.
Ubekhuluma esithangamini sabezindaba nalapho abazali bezingane ezithunjiwe bezwakalise ukucasuka kwabo ngesitatimende esenziwe nguMnyango wezokuVikela esithe bakhululwe bonke abafundi abebethunjiwe.
Okhulumela uMnyango uMajor General Chris Olukolade, uthe abakushilo bekuqinisekiswe nguthishanhloko wesikole okwenzeke kuso lesi sigameko.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho