Nairobi – Izinkumbi zabantu abaphila impilo ephakeme eNiarobi eKenya
zigcwala ezindaweni zokudlela zikanokusho ukuze zilethelwe ukudla ngabamhlophe.
Ngokubika kwe-New York Times kuyinto edlisayo eKenya ukuba noweta abamhlophe
futhi nabantu bakhona bayakuthokozela ukunakekelwa yibona kwazise lokhu kuchaza
ukuthi sebekwelinye izinga.
Kubikwa
ukuthi kuyinto engajwayelekile ukubona abelungu benza umsebenzi ebukeleka
phansi.
Umbiko uveza abelungu abangioweta
bawenza kahle umsebenzi wabo futhi vahloniphekile kunalabo abamnyama.
OLUNYE UDABA: Aphika elokubulala amaphoyisa
Kuthiwa
benza umsebenzi wokuba uweta ubukeke unesithunzi ngoba kuseyimvela kancane
ukubabona benza lo msebenzi.
Omunye
wabesifazane ocashuwe yileli phendaba uthe uchazwa yindlela ababingelela futhi
abakhuluma ngayo uma bekhuluma namakhasimende.
“Bayahlonipha bakwenze uzizwe
uyisikhulu yingakho sithanda ukuthi kube yibona abasilethela ukudla uma
sisendaweni yokudlela ,” kusho lona wesifazane enanela ngokuthi kusesitayeleni
edolobheni laseNairobi ukuhlonishwa ngabamhlophe.
Kubikwa ukuthi iningi
labamhlophe abenza umsebenzi wokuweta yailabo abaqhamuka kwamanye amazwe.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho