Harare – Kuzogoduka abangaphezu kwenkulungwane abokufika kuleli abadabuka eZimbabwe ngeSonto kulandela ukuhlaselwa kwabo.
Lesi simemezelo sivele ngemuva kokuba iqembu lepolitiki kaMengameli Robert Mugabe lisole okubizwa nge-'Xeno war' emazweni akhelene nayo aseNingizimu.
"Sekuqaliwe ukulungiswa kwamaphepha afanele abantu abadabuka eZimbabwe," kusho inxusa lakuleli laseZimbabwe u-Isaac Moyo etshela abezindaba zeChronicle.
OLUNYE UDABA: Babuyela emakubo abakule abasebenza eMoz
UMnyango wezaseKhaya wakuleli uzothutha abokufika ubabeke eBeitbridge lapho abazofike bathathwe iZimbabwe Civil Protection Unit nabe-International Organisation for Migration(IOM), kubika abezindaba.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho