Tripoli - NgoLwesithathu umkhandlu obusayo eLibya udlulisele amandla okubusa eqenjini elisha elikhethiwe, lokhu kwenziwe emcimbini obusebusuku enhlokodolobha iTripoli.
INational Transitional Council (NTC), eyaqumba phansi umbuso womholi uMuammar Gaddafi ngonyaka odlule, idlulisele amandla eqenjini iNational Congress, eyakhethwa ngoJulayi.
Leli qembu elinamalungu angu-200, lizobeka usihlalo omusha ngesikhathi iNTC yona izohlakazwa, izinkumbi zabantu zibuthane eTripoli eMartyrs Square ukuzobungaza ukudluliselwa kombuso.
IPhalamende lizobeka undunankulu omusha yena ozoqoka uhulumeni wakhe, aphasise imithetho bese eholela abantu baseLibya okhethweni oluphelele lwasephalamende uma umthethosisekelo usuchibiyelwe ngonyaka ozayo.
Iqembu lamadlelandawonye eliholwa uMahmoud Jibril lithole izihlalo ezingu-39 kwezingu-80 kwathi izimbangi zalo iJustice and Construction Party lathola ezingu-17.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
Reuters