Cape Town - Isikhulu seRed Cross ngoLwesithathu sithe sinethemba lokuthi igciwane le-Ebola lingalawuleka zingapheli izinyanga ezine noma eziyisithupha.
U-Elhadj As Sy, ongunobhala jikelele we-International Federation of Red
Cross and Red Crescent Societies, utshele abezindaba eBeijing ukuthi isikhathi
abazibekele sona singagcineka uma kungenziwa izinto ngendlela efanele.
Funda nalolu daba: Ikhula ngesivinini i-Ebola eSierra Leone.
Igciwane le-Ebola selibulale abantu abangaphezulu kwabangu-4,500 kusukela laqubuka ezinyangeni eziyishumi ezedlule, kanti amazwe afana neLiberia, Guinea neSierra Leone yiwona akhahlamezeke kakhulu.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.