Monrovia - ILiberia izovala izikole kuthi eminye imiphakathi ibe ngaphansi kweso elibukhali, nokuyimizamo yakamuva kahulumeni yokuzama ukunqanda ukubhebhetheka kwe-Ebola.
"Yisimo esiphuthumayo. Leli gciwane linamandla futhi libhebhetheka njengomlilo wequbula. Abantu bethu bafa ngapha nangapha ngakho kumele sizame ukulinqanda," kusho uLewis Brown, nonguNgqongqoshe wezoLwazi eLiberia, etshela iReuters.
"Sidinga uxhaso oluvela emazweni omhlaba kakhulu kunakuqala."
Amasosha ezwe ayalelwe ukuba aqale ukuqinisekisa ukuthi abasebenzi bakahulumeni abenza imisebenzi engekho bucayi, bathatha ikhefu eliyimpoqo lezinsuku ezingu-30.
Lo bhubhane kuthiwa usubulale abantu abangu-672 entshonalanga ne-Afrika, okubalwa iLiberia, Guinea neSierra Leone, ngokusho kweWorld Health Organisation.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho