Harare – Lisaqhubeka nokugawula izembe likaMengameli
waseZimbabwe uRobert Mugabe njengoba esephinde waxosha abanye ongqongqoshe
kwikhabhunethi yakhe.
NgeSonto uMugabe umezele ukuxoshwa kongqongqoshe ababili
uFlora Buka obenguNgqongqoshe woMbuso nezindaba zikaMengameli noSylvester Nguni
obenguNgqongqoshe wehhovisi likaSekela Mengameli.
Lokhu kuvezwe yisitatimende
esikhishwe yihhovisi likaMugabe ngomlomo kaMisheck Sibanda.
OLUNYE UDABA: UMugabe ubize ungqongqoshe ngoSathane uqobo
Kubikwa ukuthi lesi
sitatimende siphinde saveza nokuxoshwa kwamaSekela ongqongqoshe amahlanu.
Kuthiwa laba baxoshwe ngemuva kokukhombisa ukuzwelana noJoice Mujuru osanda
kuxoshwa obeyiSekela likaMugabe.
UMugabe oneminyaka engu-90 ubudala useholidini
le nyanga nomndeni wakhe.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho