Bulawayo - Iphoyisa lakaMasipala waseHarare uPamela Chitendo liqulekile ngoMsombuluko ngemuva kokungkulaleli okushiwo yisangoma.
Lesi sangoma sithe leli phoyisa lingayithinti imithi yaso.
UChitendo sihambe sayo sesha umuzi walesi sangoma ogamalaso nguSekuru Nehanda.
OLUNYE UDABA: Isangoma sixwayisa isitabane
"Lifike la lodwa, ngokujwayelekile bafika ngamaqoqo bafune ukuthatha izinto zami. Lithinte izinto eziningi ngalitshela ukuthi lingathinti lutho lodwa lanenkani.
""Lithinte into engeke ngikwazi ukuyidalula lathatha nephini lami kodwa alizange lisahamba kakhuku lavele laquleka,"" kusho uNehanda.
"Angiyazi imbangela yokuquleka kwalo, anginawo umuthi wokulimaza abantu," kuqhuba lesi sangoma, kubika iBulawayo24.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter