Abezindaba zoMbuso basole uMujuru – okubikwa ukuthi useqhulwini kwabangase ngelinye ilanga bathathe amatomu kuMugabe – ngokwakha uzungu lokuqumba phansi uMugabe enkomfeni ezoba ngesonto elizayo.
NgoLwesithathu, uWonder Mashange, oyibamba likaSihlalo weZanu-PF uthe iqembu limunqabele uMujuru ukuthi angenele ukhetho.
OLUNYE UDABA: Ngeke uMujuru ayibuse iZimbabwe - Mugabe
"Isicelo sikaMujuru sinqatshiwe ngenxa yokuthi asimfuni umuntu obophela umengameli amanqina enyathi,” kusho uMashange.
UMujuru akazange atholakale ukuba aphawule ngokushesha.
Kubikwa ukuthi ikusasa lakhe manje lisezandleni zikaMugabe, nokunguyena ovumelekile ngokoMthethosisekelo weZanu-PF ukuba aqoke abantu abangu-10 abazokwakha isigungu esiphezulu eqenjini.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho