Abuja – Inhloko yenhlangano eyengamele ukhetho ezweni laseNigeria ithi ukhetho okuhlelwe ukuba lubengenyanga ezayo lusazoqhubeka, nakuba kunokukhathazeka ngokuthi ngabe izigqebhezana zokuvota zizokhishwa ngesikhathi yini.
Isikhulu sezokuphepha eNigeria uSambo Dasuki uthe ukhetho oluhlelelwe uFebhuwari 14, kumele luhlehliswe ukuze kuqinisekiswe ukuthi ababhalisele ukuvota bayazithola izigqebezana zabo zokuvota.
Funda nalolu daba: Umthetho ozovimbela ukusabalala kwamabandla.
Kodwa ngesikhathi ebuzwa ukuthi ngabe lusazoqhubeka njengokuhleliwe yini ukhetho, usihlalo we-Independent National Electoral Commissionm u-Attahiru Jega, uthe “kunjalo.”
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.