Abuja – Sonke sigqashuka kuqala uma kuphawulwa ngezinto ezingahehi ezenziwa ngophathina bethu embhedeni, njengokugqoka amasokisi amhlophe, ukudla ugaliga kuze kweqe kanye nokungaziqholi.
Kepha yini ekwenza uvuthe phakathi kwamashidi?
Ukuzama yonke into
Ukuzibophezela ekutheni ujabulise uphathina wakho ngale ndlela yokuthi awunamahloni okuzama izinto ezintsha. Uma umuntu wakho ethanda ukupanswa uma nizitika ngocansi, kwenze lokho!
Qhamuka namaqhinga ngaso sonke isikhathi
Uma uqhamuka namaqhinga amasha njalo, ushintsha nezitayela uma nisocansini, nakanjani uphathina wakho uzobuya azocela impinda.
Yiba ngumqemane
Abacwaningi bathole ukuthi ukuba ngumqemane okuhambisana nokuzilolonga kuyinto ethokozelwa kakhulu ngabesifazane embhedeni. Lokhu kunyusa isikhathi osidonsayo uma usocansini kuphinde kunike owesilisa ukuzethemba.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho