UJoshua ohola ibandla iSynagogue Church of All Nations(SCOAN), ubhale ekhasini lebandla leFacebook, wathi waxwayisa abantu kusasele amasonto amathathu kwenzeke inhlekelele, kusho abezindaba zeSowetan.
Phambilii uJoshua wakhuluma wasola isandla esinoboya ngokuwa kwebhildi.
Amakhamera akwa-CCTV akhombisa indiza izungeza ibhilidi izikhawu ezimbalwa ngaphambi kokuthi liwe.
Umngcotshwa waziwa ngokuba nezibholofido kanti ngemuva kokuwa kwebhilidi, wagxekwa ngabantu ababebuza ukuthi simeqe kanjani lesi sibonakaliso.
Funda nalolu daba: U-HQ Nala uvikela uTB Joshua
UJoshua ubhale wathi "zonke izithunywa zikaSathane" ezilokhu zomgxeka, zizoyikhotha imbenge yomile.
“Ngikhulekela ukuthi izithunywa zikaSathane zijeze. UNkulunklu kumele azikhombise, qwashisani imindeni yenu ngokukhuluma kwayo, ngiyindoda kaNkulunkulu," kusho isitatimende sikaJoshua.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.