Harare - Umdonsiswano wesondlo sengane ophakathi kowesilisa nowesifazane wakwaBulawayo othi lo mlisa ungubaba wengane yakhe eneminyaka eyisikhombisaubudala, uphenduke uhlaya.
Lokhu kungemuva
kokuba kuvele ukuthi lona wesifazane, uSarah Sibanda waseCowdray Park, wanqaba
ukuba kwenziwe ulibo fuzo njengoba agcina engafikanga emahhovisi eNational
Blood Transfusion Services (NBTZ) eHarare okuyilapho okwakuzothathwa khona
amagazi.
Ngesikhathi
kusalindwe imiphumela yolibo fuzo, owesilisa uyaphoqeleka ukuba ondle ingane
ngokomthetho waseZimbabwe.
Funda nalolu daba: Zihlawulisiwe izithandani ezibanjwe zenza ucansi.
UTshuma wasendaweni yaseMzilikazi umile kwelokuthi yena akazange alale nalona wesifazane, kanti utshele inkantolo ukuthi uSibanda uqamba amanga uma ethi balala ndawonye ngoba yena wayedakwe kakhulu ukuthi wayengenza ucansi, kubika iMyzimbabwe.
"Nkosi
yenkantolo, akukwazi ukuthi ngangingalala naye ngoba ngangidakwe ngingazazi
negama lami,” usho kanje.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela
IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).