Bulawayo - Kubikwa ukuthi intombazane eneminyaka engu-15 ubudala yaseGokwe igcine isikhulelwe ngemuva kokuzibandakanya kaningi ocansini nomzala wayo oneminyaka engu-12 ubudala.
Ngokusho kwabezindaba iB-Metro laba bobabili sebezitike ngocansi kusukela ngonuaka wango-2014 ngoNovemba.
Kuthiwa bahlala bobabili nomama womfana.
"Balala ekamelweni elilodwa ngoba umama womfana engakaze azitshele ukuthi izingane zandawinye zingagila imikhuba," kusho umthombo wabezindaba.
OLUNYE UDABA: Uboshiswe owamodela engaligqokile iphenti
Ngesikhathi udaba seluvela umama womfana waphika ukuthi indodana yakhe ingakhulelisa.
Yize kunjalo ubaba wentombazane uzifuna la izinkomo ezimbili.
"Ubaba wentombazane nomama womfana baqala ukulwisana ngoba umama womfana ethi ingane yakhe isencane kakhulu ukuthi ingaba ngubaba wengane."
Ngokombiko wabeBulwayo24 udaba lwabikelwa uChief Nembudziya othe le ntombazane ithathwe ngabezenhlalakahle.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter