Bamako – Ihhovisi likaNgqongqoshe wezeMpilo eMali seliqinisekise owokuqala
onesifo se-Ebola kuleli lizwe njengoba kuyingane yentombazane eneminyaka
emibili ubudala.
Kubikwa ukuthi le ngane
ibisanda kuvakashela eGuinea kanti ngesikhathi ihlolwa kutholakale ukuthi inaso
lesi sifo esesiphenduke umashayabhuqe.
“Namhlanje
iMali ithole isiguli sokuqala sesifo se-Ebola,” kuqinisekisa isitatimende.
OLUNYE UDABA: Kuzonxeshezelwa imindeni ngabashone nge-Ebola
Kubikwa ukuthi le ngane kutholakale
ukuthi inalesi sifo ngemuva kokuphuthunyiswa esibhedlela sasentshonalanga
yeKayes ngoLwesithathu kuqhuba isitatimende.
Umbiko uveza ukuthi le ngane nalabo abasondelene nayo sebefakwe endaweni
ekhethekile ukuze bangaxhumani nabanye abantu ukuze nabo bahlolwe.
Isifo
se-Ebola sesibulale abantu abacishe bafinyelele ku-5 000 kanti kubikwa ukuthi
iningi labo liqhamuka emazweni asentshonalanga ye-Afrika.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho