Bulawayo - Owesifazane oneminyaka engu-53 ubudala oyisisebenzi sasendlini kuthiwa waklinya umqashi wakhe ngenzandla ngoba wayengasakwazi ukumnakekela ngemuva kokuba ehlaselwe yisifo sohlangothi, kubika iMyZimbabwe.
UFlorence Mazhanga waseMahatshula
kwaBulawayo wayesebenzela umndeni wakwaNyathi kodwa engahlali khona ,
ngokuhamba kwesikhathi wazithola esethandana noLucas Nyathi, 80, ngemuva
kokushona kukankosikazi wakhe ngo-2009.
Funda nalolu daba: Inkantolo ixolele umyeni owayeyihlukumeza.
Kodwa ngesikhathi isikhathandwa sakhe sihlaselwa ukugula, uMazhanga wasishaya uma sisimoshele kwaze kwaba ‘uyasibulala ukuze athole ifa lendlu.’
UMazhanga uvele phambi kwemantshi eBulawayo, uSibongile Msipa,
ngecala lokubulala kanti ugcinwe esitokisini kuze kube uyavela futhi
ngo-Okthoba 2 ngemuva kokuba enqatshelwe ibheyili.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.