Tripoli – Oshayasibhamu bathumbe lowo owayeyiPhini likaNdunankulu eLibya nosanda kukhethwa njengelungu elisha ePhalamende, uMustapha Abu Shagur, enhlokodolobha iTripoli ngoLwesibili, kusho umshana wakhe.
"Abalisa abebehamba ngezimoto ezintathu bathumbe umalume esemzini wakhe, bahamba naye baya endaweni engakaziwa okwamanje,” kusho u-Issam al-Naass etshela abe-AFP.
"Ngaphambi kokuba athunjwe, u-Abu Shagur ufonelwe umuntu angamazi omtshele ukuthi akaphume endlini ngoba akuphephile,” kusho umshana.
Kuze kube manje abekho asebedalule ukuthi yibona abenze lokhu.
U-Abu Shagur wakhethelwa kulesi sikhundla ngoJuni 25, okhethweni ayezimele kulona.
Kulindeleke ukuba aqale umsebenzi ngo-Agasti 25 ngemuva komcimbi wokubekwa kwamalungu ePhalamende lesikhashana.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).