Lagos – Umlisa waseNigeria ngoLwesihlanu othi uhlale amahora angu-24 engaphansi kwezitini zesakhiwo esibhidlikile esontweni laseLagos, ugxeka usathane ngokuwa kwebhilidi elibulale abantu abangu-84 baseNingizimu Afrika.
UTaiwo
Taiwo ungomunye walabo abangu-131 abatakulwa esakhiweni esihlala izivakashi
zesonto likaTB Joshua iSynagogue Church of All Nations (Scoan), esabhidlika
ngoSepthemba 12.
Funda nalulo daba: Kutholwe ingane-4 esakhiweni esibhidlikile eLagos.
Ngemuva kwesonto kwenzeke le nhlekelele, abatakuli basaqhubeka nokuthungatha abanye abantu, ngemuva kokukhalaza ngokuthi amalungu esonto awafuni bangene endaweni yesehlakalo.
UTaiwo utshele
izintatheli ukuthi ubesiza abaseNigeria nabaseNingizimu Afrika kule ndlu
yezivakashi, emumatha abantu abangu-350 ehholo layo lokudlela.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.