UTom Thabane wabalekela kuleli ngoMgqibelo.
Njengoba engekho, imbangi yakhe kwezepolitiki itshele izindaba ze-AFP ukuthi nguye oseqhoqhobele isikhundla sokuba yibamba likandunankulu kuleliya lizwe elincane.
"Yimi undunankulu obambile,” kusho uMotloheloa Phhoko, nonguNgqongqoshe wezemiSebenzi kaHulumeni.
UPhooko uyilungu leLesotho Congress for Democracy (LCD), neyingxenye kahulumeni wobambiswano neqembu likaThabane.
I-LCD isolwa ngokwakha uzungu namasosha ekutheni kuketulwe uThabane, nokuyinto lezi zinhlaka eziyiphikayo.
Ekhuluma ezingxoxweni ePitoli, uThabane ucele i-SADC ukuba ithumele amasosha ezweni lakhe ngenxa yokuthi isimo sisemanzonzo.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho