Ngokusho kwe-myzimbabwe.co.zw, uJoshua Zinhabwa, 41, waseGunduza waya kobona umndeni kamfowabo eyofuna usizo lokubulala umkhovu, inyoka kanye nodondolo athi yilona oluhlukumeza umndeni wakhe.
Babe sebebikela amaphoyisa ngalokhu.
"Ngavakashela umndeni kamfowethu ngiyobatshela ukuthi izinkinga zabo zidalwa yilezi zinto engiziphethe. Zenza singalali ebusuku sinonkosikazi wami njengoba siphupha nakabi."
''Inyoka ingena esithweni sikankosikazi wami sangasese imkhothe. Nami iyangikhotha emhlane, kufika nenyoni njalo izodla ukudla sigcine singasalanga nalutho," kusho uZinhabwa.
"Lezi zinto ziyingozi, ngelanga engafika ngalo kumfowethu, indodana yakhe yalahlekelwa wumsebenzi, umoya omubi lo ukumina ngihamba nawo," usho kanje.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho