Bulawayo – Lihlehlisiwe icala lomshayeli wetekisi oneminyaka engu-27 ubudala obhekene necala lokuzitika ngocansi nomzala wakhe oneminyaka engu-15 ubudala eBietbridge eZimbabwe.
Ngokubika kweBulawayo 24 uNobert Chauke utshele inkantolo ukuthi ubengazi ukuthi umzala wakhe uneminyaka engaphansi kwevumelekile ukwenza ucansi kanti “upakishile futhi ubukeka njengowesifazane okhulile.”
OLUNYE UDABA: IKenya ngeke izamukele izitabane - USekela Mengameli
UChauke, oshadile futhi ononkosikazi okhulelwe, uvumile ukuzitika ngocansi nomzala wakhe kodwa wadalula ukuthi bebethandana.
IMantshi yeNkantolo yesiFunda yaseGwanda uJoseph Mabeza ilihlehlisele umhlaka 8 kuMeyi leli cala.
Phambilini uChauke wayethweswe icala lokudlwengula kodwa ngemuva kobufakazi bemiyalezo yeWhatsApp lapho kwavela khona ukuthi laba bebenobudlelwano futhi bevumelene ngokwenza ucansi.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho