Share

Owesilisa usolwa ngokuthelela umlamu wakhe nge-HIV

Bulawayo – Owesilisa waseTsholotsho, eZimbabwe, usolwa ngokudlwengula umlamu wakhe ongasenabo abazali iminyaka emithathu waze wamsulela nge-HIV.

Lokhu kuhlukumeza, okwaqala ngo-2007 isisulu sineminyaka engu-13 ubudala, kwaqhubeka iminyaka emithathu kwaze kwaba isisulu siyabaleka ekhaya, kubika iBulawayo24.

Isisulu, esesineminyaka engu-22 ubudala manje, esithi asikwazi ukuyidlulisa le nto, sagcina sivule icala emaphoyiseni ekuqaleni kwalo nyaka ngemuva kokuyohlola igazi sathola ukuthi sine-HIV.

Ummangalelwa uDebson Ngwenya uvele enkantolo ngoLwesibi ebhekene necala lokudlwengula.

OLUNYE UDABA: Kugwetshwe indoda esulele umkayo nge-HIV

Isisulu sitshele inkantolo ukuthi uNgwenya wanquma ukusikhulisa ngemuva kokushona kwabazali baso.

“Usibali wangidlwengula kusukela ngo-2007, engisabisa ngokuthi uma ngike ngathi vu ngale ndaba uyongixosha emzini wakhe.

“Wathi ukungidlwengula yiyona ndlela azikhokhela ngayo ngokungikhulisa,” kusho isisulu.

UNgwenya uthi isisulu sihubhuza olukabhejane.

Icala liyaqhubeka.

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Should the Proteas pick Faf du Plessis for the T20 World Cup in West Indies and the United States in June?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
Yes! Faf still has a lot to give ...
67% - 939 votes
No! It's time to move on ...
33% - 457 votes
Vote
Rand - Dollar
18.81
+1.1%
Rand - Pound
23.52
+1.2%
Rand - Euro
20.13
+1.3%
Rand - Aus dollar
12.30
+0.8%
Rand - Yen
0.12
+2.4%
Platinum
922.80
-0.3%
Palladium
962.50
-2.8%
Gold
2,339.27
+0.3%
Silver
27.29
-0.5%
Brent Crude
89.01
+1.1%
Top 40
69,358
+1.3%
All Share
75,371
+1.4%
Resource 10
62,363
+0.4%
Industrial 25
103,903
+1.3%
Financial 15
16,161
+2.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE