Bulawayo - Owesilisa, 36, wakwaBulawayo, eZimbabwe, ulunywe isihlathi yindoda embambe oqotsheni ezitika ngocansi nonkosikazi wayo.
UMutizwa Chikore usale opha igazi ngesikhathi uZvikomborero Nyamakura emluma isihlathi, kubika iBulawayo24.
UNyamakura ube esebekwa icala ngokuhlasela ishende ngale ndlela waphinde washaya unkosikazi wakhe ngesitini wakhumuka amazinyo amathathu.
OLUNYE UDABA: Uvela enkantolo osolwa ngokubulala ishende lomkakhe
Kuthiwa uNyamakura wathukuthela wagana unwabu efica unkosikazi wakhe uChristine Mafunga eqhoqhobelwe nguChikore, bezitika ngocansi.
Wanquma ukushaya ishende, unkosikazi wazama ukulamula, nokwadina umyeni wase ebabhangqa bobabili ngenduku.