Harare - Owesilisa odabuka eZimbabwe ongumshayeli wamaloli eNingizimu Afrika uthi waboshwa, wagcinwa esitokisini ngamaphoyisa akuleli ngemuva kokunqaba nemali kadilinki ngesikhathi ethola ukuthi ungowokufika kuleli yize enawo wonke amaphepha adingekayo.
Emazweni amaningi abantu bayakuxhawula uma bekubingelela kodwa uGift Muusa, 26, waseZimbabwe wamukeleka ngendlela eyehlukile ngesikhathi ehiliziswa amaphoyisa amabili akuleli.
Ngesikahthi uMuusa enqaba nemali amaphoyisa apitshiza ubuntu bakhe.
UMuusa uthi lesi sigameko senzeka ngoMgqibelo ngesikhathi eseyogibela ibhasi elibangise eThekwini lapho asebenzela khona.
"Bathi bafuna ukubona ipassport ngabatshengisa, bathi bafuna izincwadi ze-Laptop ngasho ukuthi zisendlini, inkinga yaqala ngesikahthi sebefuna imali ye-groovy.
"Bangitshela ukuthi angehle ebhasini ngibalandele kuyiwa esiteshini samaphoyisa iPark Station bathi bazongivulela icala lokutholakala nezidakamizwa.
OLUNYE UDABA:Kuboshwe owokufika ngesibhamu esingekho emthethweni
"Ngesikhathi ngikhalaza, elinye la maphoyisa langipitshiza ubuntu bami lathi liyangamukela eMzansi, kusho uMuusa, kubika iBulawayo24.
UMuusi wagcinwa esiteshini kwaze kwafika ummeli owathi uzodinga imali engu-R6 000 ukuze aphume.
"Nganginemali engu-R4 000 kuphela ebhange wathi angimnike ikhadi ne-Pin.
Ngesikhathi uMuusa esefuna ukuvulela amaphoyisa icala ngosuku olulandelayo iphoyisa eliphenyayo lathi akakhulume namaphoyisa ambophile.
La maphoyisa afika kimi esecela uxolo, kusho uMuusa.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho