isiZulu

Sebebheke ukhetho eLesotho

2012-05-25 12:19
Johannesburg - Njengoba izakhamizi zaseLesotho zizobamba ukhetho lobumengameli, izingqapheli zesabela ukuthi ukhetho luzokuba nokuphazamiseka kangangoba angeke icace ngendlela imiphumela.

Ngonyaka ka-1998 kugcina ukubanjwa ukhetho kwaba nodlame kwaze kwadingeka uhulumeni waseNingizimu Afrika athumele amasosha ukuyoqapha isimo.

Kuze kube manje imikhankaso ibinokuthula nokho kunokwesabela ukuthi angeke kube njalo okhethweni.

UNdunankulu uPakalitha Mosisili wahlubuka ngenyanga kaFebhuwari waqala iqembu iDemocratic Congress.

Abaculi baseNingizmu Afrika badlale indima ebonakalayo ekuzameni ukugqugquzela abantu ukuthi bahambele imikhankaso yokhetho.

"Okuqhubekayo njengamanje kudale injabulo kubantu bendawo. Silindele isilinganiso esikhuku sabazovota, abantu balangazelele ukubona ukuthi kuzokwenzekani," kusho owabe enguMengameli eMalawi uBakili Muluzi, manje oyinhloko yezingqapheli zokhetho.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


Reuters
Ad:Retirement Plan from R150/m (RSA Residents Only)
«Emuva
Ad:Family Funeral Plan from R36/m (SA residents only)