Cairo – Sekuboshwe abantu abangu-12 eTunisia ngezinsolo zokubandakanyeka esigamekweni sokuhlaselwa kubulawa abantu abangu-38 ababevakashe khona, kusho iziphathimandla ngolwesine.
Abangu-8 kulabo babandakanyeka esigamekweni esenzeka ngomhlaka-26 Juni edolobheni laseSousse, kusho uNgqongqoshe weziphathelene noMphakathi, uKamal Jendoubi ngphandle kokunaba.
OLUNYE UDABA: Uhulumeni waseTunisa uhlela ukuvala amathempeli
NgoLwesihlanu ushayasibhamu wangena ehhotela laseSousse wavulela ngenhlamvu kwiqulu labantu elalisolwandle.
Iziphathimandla zihlonze owahlasela njengoSeifeddin Rezgui, 24, waseTunisia.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho