Blantyre – Bahleli lubhojozi abantu abanebala elimhlophe ezweli laseTanzania njengoba zanda izigameko zokuthunjwa babulawe bacwiywe izitho zomzimba kuleli lizwe.
ETanzania kunenkolelo ethi abangama-albino banezitho zomzimba ezingaletha inhlanhla uma zixutshwa nemithi yesintu.
Kubikwa ukuthi lo mkhuba usukapakele nasezweni elingumakhelwane iMalawi nakhona sekunezigameko zokubulawa kwalaba bantu ngokubika kwamaphoyisa.