UMqondisi wesibhedlela iDonka, uFatou Sike Camara, uthe izisulu zibandakanya izingane eziseminyakeni ebalelwa ku-10 ubudala.
Izinkulungwane zabalandeli bezibuthelene ebhishi eliseConakry zibungaza ukuphela kwenyanga engcwele yamaSulumane, iRamadaan.
Abazibonele bathi kusuke isidumo ngesikhathi kuphela leli dili lomculo ngesikhathi kubangwa indawo yokuphuma.
Kuthiwa isango lale ndawo belilincane kakhulu, abanye abantu babe sebewa – abanye bahamba phezu kwabo.
Enkulumweni ebhekiswe esizweni, uMengameli Alpha Conde uthe izwe lizozila isikhathi esiyisonto.
UConde uphinde wamemezela ukuthi kuzovalwa amabhishi asenhlokodolobha kuze kube kukhishwa esinye isaziso.
Uthe kuqhubeka uphenyo ngalesi sibhicongo esilethe umunyu ezweni.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho