Geneva – Babalelwa ku-3000 abantu okubikwa ukuthi bahaqwe yisifo sohudo ezweni laseTanzania njengoba iningi labo badabuka eBurundi, ngokusho kwe-United Nations.
Isukhulu sezeMpilo eTanzania sitshele abezindaba ngoLwesithathu ukuthi babalelwa ku-33 abashonile nghenxa yalesi sifo kusukela siqalile ukubhebhetheka endaweni yaseKigoma eTanganyika naseKagunga naseNyarugudu.
OLUNYE UDABA: Iqembu elibusayo selixoshe izikhulu ezingu-7
“Lesi sifo sesiqala ukunganqandeki njengoba zanda izigameko zabantu abahaqwa yilesi sifo,” kusho okhulumela abe-United Nations u-Adrian Edward.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho