Kinshasa – Izwe laseDemocratic Republic of Congo ngoLwesithathu limemezele ukuthi bangu-42 abantu asebebulawe yigciwane le-Ebola kuleliya lizwe njengoba namanje ingaphumeleli imizamo yokunqanda umonakalo waleli gciwane.
Izibalo zakamuva zihlanganisa nezisebenzi zezempilo ezingu-8,
kusho uNgqongqoshe wezeMpilo uFelix Kabange Numbi etshela abe-AFP.
Funda nalolu daba: Iyasondela eMzanzi i-Ebola.
Bangu-70 abantu osekuqinisekiswe ukuthi bangenwe yileli gciwane endaweni eseBoende okuyindawo engamakhilomitha angu-800 ukusuka eKinshasa.
Ngenyanga edlule, uhulumeni wamemezela ukuthi bangu-32 abantu
asebebulawe yi-Ebola.
– "Like"
ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.