Cape Town – Isikhulu se-African Union, uNkosazana Dlamini-Zuma, sizohambela emazweni akhahlanyezwe yi-Ebola eNtshonalanga Afrika, kusho okhulumela lesi sikhulu ngoLwesithathu.
Usihlalo we-AU Commission uDlamini-Zuma uzohambela eGuinea, Sierra Leone naseLiberia, ukuyozibonela isimo mathupha.
Funda nalolu daba: 'Kuzothatha izinyanga ezingu-6 ukulawula i-Ebola.'
"Sizimisele ngokusebenzisana nabasemazweni aseNtshonalanga Afrika ukuqeda nge-Ebola,” kusho uDlamini-Zuma esitatimendeni.
Leli gciwane le-Ebola selibulale abantu abangaphezulu kwabangu-4 500 eNtshonalanga Afrika, kanti ongoti baxwayise ngokuthi bangase banyiselele kwabantu-10 000 ngoDisemba abantu azobe sebengenwe yileli gciwane.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.