Abuja - Ibhomu eliqhume ngesiphithiphithi sasekuseni esiteshini sebhasi eNigeria kwashona abantu abangu-71, sekuvuse ukwesabela kokuthi kungenzeka ukuthi izihonga ziyazicanasela kuleliya lizwe.
UMengameli Goodluck Jonathan usole inhlangano yamaphekula iBoko Haram ngalesi sibhicongo, yize kungekho osaphumele obala ngalokhu kuhlasela.
Kulesi sigameko kubikwa ukuthi kuphinde kwalimala abantu abangu-124.
Ehambele indawo yesehlakalo, uJonathan ugxeke "izenzo zalabo abazama ukubuyisela izwe emuva" ngokuhlasela kwalolu hlobo.
“Sizodlula kulesi simo... Indaba yeBoko Haram eyesikhashana nje," esho.
Ochwepheshe bezokuphepha basola ukuthi leli bhomu belitshalwe emotweni, kusho uCharles Otegbade, noyi-Air Commodore.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter