Johannesburg – Usihlalo weSouthern African Development Community (SADC) obuye abe nguMengameli waseZimbabwe uRobert Mugabe uhlangane noMengameli Jacob Zuma emhlanganweni oyisipesheli wokudingida udaba lwaseLesotho. .
Ngokubika kweSABC uNgqongqoshe wezokuVikela eNingizimu Afrika uNosiviwe Mapisa-Nqakula naye uhlangane noMengameli Mugabe eHarare ngoLwesibili kusihlwa ethunywe ukuzozwakalisa ukukhathazeka ngokuqhubeka eLesotho.
UMapisa-Nqakula kubikwa ukuthi usazodlulela eBotswana ukuyidingida lolu daba kumengameli wakho u-Ian Khama oyiSekela likaSihlalo we-SADC.
OLUNYE UDABA: Kushone abayisithupha odlameni eBurundi
ELesotho kubikwa ukuthi abaholi abathathu okuhlanganisa noweqembu eliphikisayo owayenguNdunankulu uTom Thabane sebelifuthele leli lizwe ngenhloso yokuvikela impilo zabo.
Lokhu kuqhamuka ngemuva kokuba umbutho wamasosha usolwa ngokubulala owayenguKhomanda wombutho wezokuVikela uMaaparankoe Mahao obesondelene kakhulu noThabane.
UMapisa-Nqakula uthe iminingwane ngomhlangano wakhe noMugabe isadingidwa.
“Ngeke ngikwazi ukwanda ngomhlangano wami noMengameli uMugabe okwamnje.
Konke kuzocaca ngokusobala ngemuva komhlangano wangempelasonto sekuphume umbiko,” kusho uNgqongqoshe.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho