UGrace Mugabe, 49, usanda kuqokelwa kwesokuba nguSihlalo wophiko lwabesifazane kuZanu-PF.
Kuthiwa uphinde waqokelwa kwesokuba angene ekomidini eliphezulu eHarare.
Kubikwa ukuthi kukhona abangajabule ngokungena kukaGrace kwezombusazwe, njengoba isikhulu seqembu eHarare, uShadreck Mashayamombe, kuthiwa ushaya phansi ngonyawo uthi uGrace akamukelekile, akahambe ayothola elinye ikhaya lezepolitiki.
I-newzimbabwe.com ibike ukuthi umshana kaMugabe, uPatrick Zhuwawo, uthi wathola ucingo oluvela kuMashayamombe nowamtshela ukuthi “kumele atholele uGrace elinye ikhaya lezombusazwe”, wathi uGrace akamdingi eHarare.
Kuthiwa lokhu kuphawula yikho okuqinisekise izinsolo ezithi umanambanyambana uGrace kwabathile.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho