Harare - UMengameli waseZimbabwe uRobert Mugabe usezwakalise ukukhathazeka ngokuthi uqhekeko olwamenza wangena kuhulumeni wokubambisana nezimbangi zakhe, selubuyile.
Ekhuluma nezikhulu zikahulumeni emcimbini wokubungaza ukunqoba kwe-ZANU-PF ukhetho ngonyaka odlule, uMugabe uchaze ukusebenza nembangi yakhe yeminyaka uMorgan Tsvangirai "njengokwakufikisela ngamahloni".
"Sasiboshwe ngabhande linye noTsvangirai noWelshman Ncube," kusho uMugabe.
"Lokhu kwenzeka ngoba nakhu sasingeyona imbumba. Sakuvumela thina lokho ukuthi kwenzeke, ngakho akumele kuphinde kwenzeke futhi."
UMugabe, 90, waqumba phansi uTsvangirai okhethweni ngonyaka odlule, nokwabona ukuphela kukahulumeni wokubambisana weminyaka emihlanu.
Kuthiwa kufufusa uqhekeko eqenjini elibusayo njengoba kubangwa isikhundla sikaMugabe.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter