Share

UNyusi udle umhlanganiso kwelaseMozambique

Maputo – Ukubalwa kwamavoti eMozambique sekuqinisekise ukuthi uFilipe Nyusi nguyena odle umhlanganiso njengoba bekunokhetho lukazwelonke.

Ukunqoba kukaNyusi kulolu khetho lwangesonto eledlule kuqinisekisa ukuthi iFrelimo isazoqhubeka nokuhola leli lizwe njengoba ngokwamavoti linqobe ngo-59%.

Ngokubika kwe-Daily News ukubalwa kwamavoti kuthathe isikhathi eside kunebesilindelekile  emikhandlwini nasezifundazweni. 

Kubikwa ukuthi isifundazwe sokugcina esilethe imiphumela yayo kube yiZambezia egcine iyilethe ngoLwesine.

OLUNYE UDABA: Aphikisayo asola esemfene okhethweni eMoz

Umbiko uveza ukuthi uNyusi uthola amavoti angu-2.75million ezifundazweni ezingu-11.

Nakuba iFrelimo idle umhlanganiso kulolu khetho kodwa kusenokukhathazeka njengoba yehlile kakhulu ngokwezibalo uma uqhathanisa nolwango-2009 lapho yadla umhlanganiso ngo-75%. 

Imbangi kaNyusi u-Afonso Dhlakama weqembu iRenamo uthola amavoti angu-1.75million  kanti lokhu kukhombise ukukhula kweqembu lakhe lisuka ku-16% ngo-2009 lafinyelela ku-36% kulolu khetho. 

Kuke kwabika izigameko zokukhwabanisa kulolu khetho kodwa bekungakacaci ukuthi abengamele ukhetho eMozambique bazokwazi yini ukuliqinisekisa njengoluhambe kahle.


    - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

      - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

We live in a world where facts and fiction get blurred
Who we choose to trust can have a profound impact on our lives. Join thousands of devoted South Africans who look to News24 to bring them news they can trust every day. As we celebrate 25 years, become a News24 subscriber as we strive to keep you informed, inspired and empowered.
Join News24 today
heading
description
username
Show Comments ()
Voting Booth
Do you think corruption-accused National Assembly Speaker Nosiviwe Mapisa-Nqakula will survive a motion of no confidence against her?
Please select an option Oops! Something went wrong, please try again later.
Results
No, her days are numbered
41% - 279 votes
Yes, the ANC caucus will protect her
59% - 397 votes
Vote
Rand - Dollar
18.97
-0.4%
Rand - Pound
23.98
-0.3%
Rand - Euro
20.51
-0.2%
Rand - Aus dollar
12.36
-0.1%
Rand - Yen
0.13
-0.4%
Platinum
906.75
+1.1%
Palladium
1,015.63
+1.4%
Gold
2,206.97
+0.6%
Silver
24.60
-0.2%
Brent Crude
86.09
-0.2%
Top 40
68,261
+0.9%
All Share
74,453
+0.7%
Resource 10
56,939
+2.3%
Industrial 25
103,989
+0.7%
Financial 15
16,492
-0.2%
All JSE data delayed by at least 15 minutes Iress logo
Editorial feedback and complaints

Contact the public editor with feedback for our journalists, complaints, queries or suggestions about articles on News24.

LEARN MORE