“Ngesikhathi ekulolu hambo ulumane indlebe neNkosi uLetsie III ngaphambi kokubamba izingxoxo noNdunankulu uTom Thabane, isekela lakhe uMothejoa Metsing, inxusa le-European Union (EU) uMichael Doyle namalungu e-Independent Electoral Commission (IEC),” kusho okhulumela uRamaphosa, uRonnie Mamoepa.
OLUNYE UDABA: Ubuyele eLesotho uRamaphosa
Uthe uRamaphosa kubhekwe ukuthi abuyele eLesotho ngoLwesithathu nangoLwesine.
Sekungokwesine uRamaphosa ebandakanyeka ezingxoxweni zakuleli lizwe elinamaqembu ezombusazwe abhekene ngeziqu zamehlo.
Emizamweni yokuletha uzinzo ezweni, uRamaphosa usizile ekusayinweni kweMaseru Facilitation Declaration.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho