Johannesburg - UMengameli wezwe uJacob Zuma, usedlulise amazwi enduduzo emndenini wakwaSata nezwe lonke laseZambia, ngemuva kokudlula emhlabeni kukaMengameli wezwe uMichael Sata.
USata ushonele eLondon, udlule emhlabeni eneminyaka engu-77 ubudala.
"Egameni likahulumeni nabantu bonke baseNingizimu Afrika, sithanda ukudlulisa amazwi enduduzo kubona bonke abantu baseZambia nomndeni wakwaSata. Sithu dudu, lalani ngenxeba," kusho isitatimende sikaZuma.
Funda nalolu daba: Akasekho umengameli waseZambia.
Abezindaba ze-Associated Press babike ukuthi uSata ushone ngoLwesibili ebusuku.
UZuma uthe umengameli uzokhumbuleka ngokulwela ukuthuthukisa impilo yabantu bezwe lakhe.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.