Kampala - UMengameli waseNingizimu Afrika uJacob Zuma, uthelekile eKampala, e-Uganda, la kuqhubeka khona izingxoxo zokubuyisana eSouth Sudan.
UMkhulumeli kaMengameli uMac Maharaj, uveze ukuthi uZuma uzohlangana noMengameli wase-Uganda uYoweri Museveni.
"Izingxoxo zizoqhubeka ngemuva kwalezio ezabanjwa ngumengameli nozakwabo waseSouth Sudan, uSalva Kiir Mayardit, osanda kuhambela kuleli,"kusho uMaharaj.
Ohambeni lokuqala lukaZuma, wahlangana noMengameli waseTanzania uJakaya Kikwete.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.