Johannesburg – Usebuyile eNingizimu Afrika uMengameli Jacob Zuma ohambeni lwezinsuku ezimbili lwaseMozambique ngokusho kwehhovisi likaMengameli.
UZuma noMengameli waseMozambique uPresident uFilipe Nyusi bavumelene ukwakha amaxhama obudlelwano ekuthatheni izinqumo kula mazwe.
“Womabili la mazwe adingide ngabanzi izinkinga ezibhekene nawo nezinhlelo zokuhlangabezane nesimo sikamandla kagesi,” kusho isitatimende esikhishwe yileli hhovisi.
OLUNYE UDABA: Iqembu elibusayo selixoshe izikhulu ezingu-7
UMengameli Zuma uphinde wadlulisa amazwi enduduzo emndenini yabantu basemozambique abashonelwe ngamalungu awo ngesikhathi kunodlame olubhekiswe kwabokufika eNingizimu Afrika.
“UMengameli uxolisile ngalezi zigameko njengoba ebuyie wahlangana noSomlomo wePhalamende laseMozambique uNks Veronica Nataniel Macamo Dlhovo.”
UMengameli Zuma ubehambele izwe laeMozambique ephelezelwe ngoNgqongqoshe bekhabhinethi yakhe abehlukene.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho