Harare - Owesifazane waseChitangwiza, eZimbabwe, utshele inkantolo ukuthi umyeni wakhe wamshayela ukuthi wamcela ukuba ayeke ukwenza ucansi nomnakwabo ngenxa yokuthi babelele egumbini elilodwa.
UStephen Samson, 32, ohlala eZengeza 5 namakhosikazi akhe amabili, uliphikile icala phambi kweMantshi yaseChitungwiza, uMusaiona Shotgame, njengoba eboshelwe ukwephula iDomestic Violence Act.
Ezivikela, uSamson uthe unkosikazi wakhe wokuqala uMary Zulu, 17, wagajwa wumona ngoba esethathe unkosikazi wesibili, kubika i-myzimbabwe.co.zw.
“Ubike ngalolu daba ngoba ubenomona ngokuthi ngizibandakanye ocansini nomkami omusha. Ube esengiphoqa ukuthi ngilale nanaye futhi.
“Yimina engiphakamise ukuthi ngingathanda ukulala namakhosikazi ami womabili embhedeni owodwa, kepha uMary wanqaba. Ngigcine sengilala phansi nonkosikazi wami wesilibi, wase evukwa umona uma esesizwa senza ucansi,” kusho uSamson.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho