Kampala - Amaphoyisa aseqinisekise ukubekwa icala komzanyana oneminyaka engu-22 ubudala, ekusabalale i-video yakhe eshaya ingane enonyaka, aze agibele kuyo ngezinyawo.
Umkhulumeli wamaphoyisa uFred Enanga, uthi umzanyana uJolly Tumuhirwe, ubekwe icala lokuzama ukubulala.
Umbiko ukhishwe abezindaba zeDaily Monitor, ngoMsombuluko.
Icala lakhe lizongena enkantolo mhlaka-08 Disemba.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.