U-Abou Abel Thiam, okhulumela uMengameli waseSenegal uMacky Sall, utshele abezindaba ze-AFP ukuthi uToure, uyiswe eResidence Pasteur, okuyindawo egcina izicukuthwane.
"Ubengatatazeli, konke kubukeke kuhamba kahle njengoba ubenomndeni wakhe ophelele ongamalungu abalelwa ku-15," kusho uThiam.
UNgqongqoshe wezangaPhandle eSenegal u-Alioune Badara Cisse nguyena obebalandile enhlokodolobha yaseMali iBamako.
Akucaci noma uToure uzohlala noma ubedlula eSenegal.- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter