Cape Town - Kuthiwa uthando aluboni, futhi luyimpumouthe kakhulu uma izithandani zisanda kungena ebudlelwaneni.
Kokunye kuyenzeka owesifazane avaleke amehlo angaboni noma esehlukumezeka, ukuhlukumeza kungenzeka kube ukushaywa noma kube ukuhlukunyezwa emoyeni.
Nazi izinto ekumele uzibheke uma usebudlelwaneni:
Ujaha izinto
Nisanda kungena ebudlelwaneni kodwa usekhuluma eyokuthi nihlalisane.
Kungenzeka ukuthi owesilisa wakho ugcwele ukungazethembi.
"Inamathela"
Akafuni ukuhlukana nawe, ufuna ukuhlale ekunkonkoshele ngaphandle kokubuza ukuthi wena uzizwa kanjani ngalokho.
Umandla ekukunikeni izipho
Kungenzeka ukuthi ukupha kakhulu izipho, lokho kungenzeka ukuthi inhloso yakho ukukubamba, kwenze kube nzima ukuthi umshiye.
Unabangani abayidlanzana
Akanabo abangani asebe nabo isikhathi eside. Kungenzeka ukuthi abantyu bayamhlubuka.
Thola izexwayiso eziphelele lana
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.