Umyeni, uWilson Muzondo, 48, waseSitomu Village ngaphansi kwenduna uMudyandove, kumanje ugcwele amathafa, kubika i-myzimbabwe.co.zw.
Umbiko uveza ukuthi uMuzondo wazitika ngocansi nomqwayizi ngaphambi kokuthatha isinqumo sokusoconga unkosikazi wakhe nokuthiwa wambuza ukuthi kungani ebhidliza umshado wabo ngenxa yeyengandoda.
Okhulumela amaphoyisa u-Assistant Inspector Nkululeko Nduna, unqabile ukuphawula ngalesi sigameko.
Imithombo engaphakathi emaphoyiseni ithe uMuzondo wahamba emzini wakhe ngoJulayi 18 ephelezelwa yindodana yakhe uFortune, 19, beyobasela izikweletu.
"Ngemuva kwalokho uMuzondo akabange esabuyela ekhaya, waya endaweni yobumnandi nalapho kuthiwa wayesehlala khona nomqwayizi," kusho umthombo.
Kusolakala ukuthi umsolwa wanquma ukubulala unkosikazi wakhe ngemuva kwengxabano mayelana nokuziphatha kwakhe.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela IzindabaNews24 kuTwitter