Harare - Owesifazane oneminyaka engu-24 ubudala obebulawa yindlala yocansi eZimbabwe uzovela enkantolo ngecala lokudlwengula abashana bakhe abathathu.
Izisulu zineminyaka ephakathi kuka-16 no-13 ubudala. Kusolwa ukuthi zontathu izisulu eziyizelamani zabafana ezifunda eGuni Secondary sezithole izifo zithathelana ngocansi kanti futhi ubufakazi besibhedlela buzokwethula enkantolo.
Funda nalolu daba: Owesilisa ukuthi ubelala nomzala ngoba epakishile
UMercy Hlupo, 24, waseBhainda Village usolwa ngokulala nabashana bakhe abathathu abevele elalanabo ekamelweni lakhe ngaphambi kokuba abadlwengule, eshintshana ngabo.
Kuthiwa lo mkhuba uqale ukuwenza kusukela ngoNovemba ngonyaka odlule, kubika iMyzimbabwe.
Umsolwa kulindeleke avele eNkantolo yeMantshi yaseMasvingo ngoMeyi 11 ngecala lokudlwengula.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.