Harare – Ufake incwadi yesivimbezelo owasifazane waseHarare eZiimbabwe obesekhathele wukuphipha umchamo nendle yomyeni wakhe njalo uma edakiwe.
Ngokubika kwe-myzimbabwe uCathrine Musendo uthe njalo uma umyeni wakhe uSteward Chapotera ephuzile uyachama embhedeni kwesinye isikhathi azikhulule phambi komnyango kanti okunye akuvezile wukuthi umyeni wakhe uyamhlukumeza.
Lokhu uMusendo ukusho eNkantolo yaseHarare lapho ebefaka khona isicelo sencwadi esivimbela umyeni wakhe ukuthi angabe esasondela eduze kwakhe.
“Ngikhathele wukuhlanza ukungcola kwakhe nsukuzonke ngoba enjalo nje akakuthengi nokudla kodwa uyasebenza.
"Uphendula umthwalo wami ngesikhathi ethatha imali ayoyiphuza nobhululu bakhe.
"Angiqashiwe mina ngiziphilisa ngokudayisa izithelo bese ngondla umndeni,” kusho uMusendo phambi kweMantshi uBabra Masinire.
Kuthiwa uChapotera uphinde antshontshe igilosa ayoshintsha ngayo ukuthi athole ugwayi.
IMantshi uMasinire imnikile uMusendo incwadi yabe isixwayisa uChapotera ukuthi angavumeli utshwala buqede umshado wakhe.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho