Bulawayo – Owesilisa waseSibharo Farm uvele enkantolo ngecala lokugwaza umakhelwane owazama ukumlamula ngesikhathi eshaya umkakhe ngokusho kombiko.
Ngokubika kweBulawayo 24 u-Austin Ncube oneminyaka engu-31 ubudala akabuzwanga ukuthi uyaliphika noma uyalivuma icala ngesikhathi evela eNkantolo yeMantshi yakwaBulawayo.
IMantshi uCharity Maphosa ilihlehlisele umhlaka 5 ku-Agasti kuleli cala.
OLUNYE UDABA:Kushone 19 kusha ifemu yefenisha
Kubikwa ukuthi ngomhlaka 20 kuJulayi 2015 uNcube washaya kanzima umkakhe uTalent Ndebele kanti kuzoqhamuka umakhelwane wakhe uThembinkosi Sibanda wazama ukulamula.
UNcube usolwa ngokuthi waba esegwaza uSibanda ongummangali kuleli cala amahlandla amathathu, esiswini, endololwaneni nasehlombe.
USibanda walimala kanzima wabe esevula icala emaphoyiseni nokwaholela ekutheni uNcube akhalelwe ngamasongo kaSigonyela.
- “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho